Mphathi wohlelo silapha namuhla ukuzogubha usuku olukhulu lokuthuthukiswa komphakathi njengoba sazi sonke ukuthi lena yinyanga yethu yokuthi sithuthukise unphakathi nakuba kuyinto esiyenza nsuku zonke kodwa le Nyanga eyokuthi sikuqhakambise kakhulu. Siyiqale ngegiya elihle-ke le nyanga njengoba mhlaka 1 besinomcimbi wogogo obuseMnambithi; kanti ngaphambi kwalokho sibahambisele iPhalamende.
Angisho Mphathi wohlelo ukuthi njengoMnyango sinezinhlelo eziningi esezenzayo sizenzela umphakathi wakithi. Bheka nje kunyaka wezimali ka2009/10 sinohlelo esilwethulile lokwelekelela izingane ezingenabani zikwazi ukufinyelela ezidingweni zempilo njengezinye izingane zomtakabani. Kanti ngingasho ngingasabi ukuthi umphakathi owakhele izindawo ezimaphakathi nesifundazwe(Midlands region) namaphethelo usuhlomule kakhulu kulolu hlelo.
R140 million. Nokho-ke ngiyazi kusekhona ukubambezeleka ngenxa yomthamo wabantu abakulesi simo esibuhlungu kangaka. Olunye uhlelo esithuthukisa ngalo umphakathi ukuthi siqashe oSonhlalakahle abanele kuthi labo abasafunda sibanikeze imifundaze ukuze babuye bazosebenza bathuthukise umphakathi wethu. Sikhiphe imifundaze engu-700.
